Umthethosisekelo waseRiphablikhi yaseNingizimu Afrika ka 1996 (uMthetho ongunombolo 8 ka 1996) uthi wonke umuntu unelungelo lokuthola ulwazi olugcinwe nguHulumeni kanye nanoma yiluphi ulwazi olugcinwe ngomunye umuntu oludingekayo ukuze asebenzise noma avikele nanoma yiliphi ilungelo lakhe nokuthi kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ozofezekisa lelilungelo.
NgokweNqubomgomo yaloMthetho noMnyango wezokuVikela uNobhala wezokuVikela nguyena oqokwe njengeSikhulu soLwazi (IO) kanti uNgqongqoshe wezokuVikela yena uyiSiphathimandla esiQondene (RA) soMnyango wezokuVikela. Izinhloko zoSizo nabaSebenzi zona ziqokwe njengamaPhini eSikhulu Solwazi (DIO). Lawa maPhini ayonikeza usizo olwamukelekile kumalunga omphakathi ngokutholakala kolwazi, uma kufakwe izicelo zamarekhodi oMnyango wezokuVikela.
Kusungulwe Ikomiti lokwaLuleka ngoMthetho woLwazi (IAAC) ukuze laluleke ISikhulu soLwazi ngezincomo ezenziwe amaPhini eSikhulu soLwazi mayelana nesicelo solwazi nokuthi lisize iSikhulu soLwazi nesiPhathimandla esiQondene mayelana nokwedluliswa kwezikhalo (appeals). Kubuye kwasungulwa futhi namaKomiti amancane okwaluleka ngoMthetho woLwazi (IAASC's) ukuze aluleke amaPhini eSikhulu Solwazi mayelana nezicelo zoLwazi.
Kusungulwe iSizinda soLwazi soMnyango wezokuVikela njengesizinda esizobhekana nezicelo zolwazi nokunye okuhambisana nakho. ISizinda soLwazi siyosiza labo abafake izicelo mayelana nokunqunyiwe ngezicelo zolwazi.
Inhloso yalelibhukwana ukwenza amalunga omphakathi akwazi ukubona umfanekiso noma uhlobo lwamarekhodi oMnyango wezokuVikela futhi liqukethe nezinqubo zokuthi lutholaka kanjani ulwazi namarekhodi nokuthi luyatholakala ngokuzithathela noma ngqa.
Imininingwane ngokweSigaba 14 "soMthetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi ka 2000 (uMthetho ongunombolo 2 ka 2000)".
Ngokuhambisana noMthethosisekelo, uMnyango wezokuVikela uqinisekisa ukuvikela ngempumelelo iNingizimu Afrika yentandoyeningi, ukwenza-ngcono ukuphepha kuzwelonke, izifundazwe nomhlaba wonke jikelele ngokulandela amakhono ezokuvikela anzulu, esimanje nafinyelelekayo nobuchwepheshe obuphambili.
UMnyango wezokuVikela unomthwalo wokuvikela ukuzibusa, izwe nabantu baseNingizimu Africa ukuze uqiniseke ngesimo esinokuthula nenqubekelaphambili yawo wonke umuntu.
Nokwelekela noma imuphi uMnyango kahulumeni ngenhloso yokwenza ngcono ezenhlalo nomnotho.
UMnyango wezokuVikela wakhiwe uNgqongqoshe wezokuVikela, uNobhala wezokuVikela kanye noMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika (SANDF). UNgqongqoshe wezokuVikela nguyena isiphathimandla esinamandla, uNobhala wezokuVikela yena uyiSikhulu esibhekele ukusebenza kwezimali nenhloko yoMnyango wezokuVikela kanti iNhloko yoMbutho wezokuVikela yona inomthwalo wokukhuza nokulawula uMbutho wezokuVikela.
Ukuba yiSizinda soMnyango wezokuVikela esizobhekana nezicelo zolwazi nokunye okuhambisana nakho.
Ukunikeza usizo lwezimali zombuso olunokonga kuMnyango wezokuVikela ngokuhambisana noMthetho wokuPhathwa kweziMali zoMbuso (PFMA), nemithethonkambiso kaSikhwana , nezincwanjana ezithunyelwa kubo bonke.
Ukwaluleka ngezindaba zenqubomgomo yokuphepha kuzwelonke nokuqondisa inkambo yohlelomgomo loMnyango wezokuVikela ngokumisa, ukwakha nokubhekela kanye nokwamukela inqubomgomo yokuvikela, uhlelomgomo nohlaka ngokuhambisana nenqubomgomo kazwelonke ukuzwe kuqhutshwe umsebenzi wokuvikela ngempumelelo, ngenkuthalo nokwenza okuyikho.
Ukuqiniseka ngokulunga nobuqiniso bokuphathwa kolwazi eMnyangweni wezokuVikela.
UMqondisi oyiNhloko yamaThuba alinganayo nokuBonelelwa ababeBandlululiwe.
Ukuphaka kanye nokulawula uMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika.
Ukunikezala ngolwazi namakhono alungisiwe nawesekela ukuvikelwa komhlaba ukuze kuvikelwe iRiphablikhi yaseNingizimu Afrika (RSA) ngokunikeza iziyalo ngohlelomgomo lokuvikelwa komhlaba futhi kusungulwe, uqeqesho nokugcinwa kwempi okulungiselwe nosizo oluhambisana nalokhu.
Ukunikeza usizo namakhono alungisiwe nawesekela nokwelapha. Lokhu, kuyokwenziwa ngokumisa uhlelomgomo oluyinkomba yosizo lwezeMpilo kwezeMpi nokusungulwa, ukuqeqeshwa nokugcinwa kosizo lwezokwelapha olusemqoka kumalunga oMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika (SANDF) kanye nezingane zawo noma labo abacike kuwo ngokwemali kanye nokusungula nokugcina izinsiza zokwelekelela nezinto ezihambisana nalolusizo.
Ukunikeza usizo lobuhlakani kwezokuVikela nolwazi lobuhlakani kokuphambaniselana ngokusungula, ukuqeqesha nokugcina usizo lwezibuhlakani lombutho wezokuVikela , usizo lokwelekelela nokunye okuhambisana nakho nezinto zokusentshenziswa.
Ukuqondisa umsebenzi wabasebenzi bophiko loMbutho kaZwelonke wezokuVikela waseNingizimu Afrika esikhundleni soMbutho.
Ukunikeza usizo lobufundisi wamabutho onakekela wonke amalunga oMnyango wezokuVikela kanye nezingane zawo nokukhuthaza ukukhula ngokomoya, ukwelekelelana ngokwenhlalo nokwenza ngokulungileyo.
Ukunikeza uMnyango wezokuVikela iziyalo ngombutho ongodliwe.
Ukumisa inqubomgomo yezokuxhumana kwezokuvikela, uhlelomgomo nezinhlelo ngokuhambisana nenqubomgomo yoMnyango wezokuVikela nenqubomgomo yokuxhumana kuZwelonke (GCIS) kanye nokuba yisizinda sezokuxhumana nokuxhumanisa ukuze ukuxhumana okumbaxambili phakathi koMnyango wezokuVikela nomaphakathi wawo kwenziwe ngempumelelo, nangenkuthalo nokwenzisana.
Ukunikeza umbutho usizo lwezomthetho olunobugcweti, oluvunyelwe ngokomthetho nokwelekelela okuhambisana nezidingo zoMnyango wezokuVikela.
Ukusiza uMnyango wezokuVikela ngolwazi namakhono obudlelwane bezokuvikela zangaphandle nosizo oluhambisana nalokhu.
Ukunikezwa ngosizo lwamaphoyisa ezempi eMnyangweni wezokuVikela.
Ukunikeza uMnyango wezokuVikela ukuthuthuka kwezobugcweti ukuvimbela namathuba okufunda ngomsebenzi.
Ukunikeza usizo oluphelele kubasebenzi noMnyango wezokuVikela.
Ukunikeza usizo olungaphathelene nokulwa kumalunga (ngalinye) oMnyango wezokuVikela.
Ukunikeza usizo lokuphathwa nokwenganyelwa kolwazi nosizo oluhambisana nalokho kuMnyango wezokuVikela nokwesekela lokho okuphokophelwe nguMnyango wezokuVikela.
Inhloso yaloMthetho ngukufezekisa ilungelo lomthethosisekelo lokutholakala kwanoma iluphi ulwazi olugcinwe nguMbuso noma iluphi olunye ulwazi olugcinwe inoma imuphi umuntu oludingekayo ukuze lusetshenziswe noma kuvikelwe noma iliphi ilungelo. Okuphokophelwe ngukwakha isiko lokungafihli nokubika kwezikhungo zomphakathi nezangasese kanye nokukhuthaza umphakathi lapho abantu baseNingizimu Afrika bethola ulwazi ngempumelelo ukuze bakwazi ukusebenzisa noma ukuvikela onke amalungelo abo ngokugcwele.
Lowo ofaka isicelo kufanele asebenzise ifomu elitholakala ePhephabhukwini Govt.
Lowo ofake isicelo kufanele akhombise ukuthi isicelo leso ngesomfanekiso noma ikhophi yalelo rekhodi noma ufuna ukuza azohlola lelo rekhodi eSizindeni seMibhalo soMnyango wezokuvikela. Ngale kwalokhu, uma ngabe lelo rekhodi lingabhaliwe ephepheni lingabonwa ngaleyo ndlela elicelwe ngayo, uma kwenzeka.
Uma ngabe umuntu efuna ukubona amarekhodi ngendlela ethile kufanele akwazi ukuwathola ngaleyo ndlela acele ukuwabona ngayo. Kodwa lokhu kungenzeka kuphela uma lokho kungeke kuphazamise ngokungadingekile ukusebenza koMnyango wezokuVikela noma ukonakala kwalawo marekhodi, noma ukwephula imigomo yamalungelo ombhali uma lowo malungelo kungesiwo akahulumeni. Uma ngabe ngezizathu ezithile amarekhodi angeze atshengiswa ngendlela acelwe ngayo kodwa ngenye indlela, imali ekhokhelwa ukutholakala kwamarekhodi kufanele ibalwe ngendlela lowo ofake isicelo acele ngayo.
Uma ngabe, ngaphezu kwempendulo ebhaliwe, lowo ofake isicelo efuna ukuthi aziswe ngesinqumo esithathiwe ngenye indlela, njengokuthi aziswe ngocingo, lokhu kufanele kukhonjiswe.
Uma ngabe lowo ofake isicelo ecelela omunye umuntu ulwazi lolo, kufanele akhombise ukuthi lokhu ukwenza ngasiphi isikhundla.
Uma ngabe lowo ofaka isicelo engakwazi ukufunda nokubhala, noma ekhubazekile, angasifaka isicelo ngomlomo.
UMnyango wezokuVikela njengazo zonke izizinda zomphakathi nawo unenqubo yokudluliswa kwezikhalo yangaphakathi njengoba kushiwo esigabeni 74 nesigaba 75 soMthetho.
Uma ngabe lowo ofake isicelo noma ngomunye nje umuntu efaka isikhalo, kufanele kugcwaliswe ifomu elifanele bese lithunyelwa eSizindeni seMibhalo soMnyango wezokuVikela. (Isaziso esingunombolo R187 - somhlaka 15 Febhuwari 2002 - Ifomu B) (bheka Isixhumelo B ukuze ubone umfanekiso walelifomu). ISizinda seMibhalo soMnyango wezokuVikela siyodlulisela eSikhulwini soLwazi wonke amaphepha aphathelene nokudluliswa kwesikhalo kanye nemibhalo ehambisana naso, sona (ISikhulu soLwazi) kuyofanele siwadlulisele kusiPhathimandla esiQondene (uNgqongqoshe wezokuVikela) yena okuyofanele athathe isinqumo.
ISizinda seMibhalo yisona esiyokwazisa lowo ofake isicelo noma nje imuphi omunye umuntu ngemiphumela yokwadluliswa kwesikhalo yangaphakathi. Uma lowo ofake isicelo noma omunye umuntu enganelisiwe imiphumela yesikhalo kufanele kuthi zingakapheli izinsuku ezingama-37 afake undaba lwakhe enkantolo yona eyobe isithatha isinqumo esingumnqamulajuqu. Uma lolundaba lungadluliselwanga enkantolo singakapheli isikhathi esinqunyiwe isinqumo sokaNgqongqoshe yisona okuyofanele silandelwe, kanti uma undaba seludluliselwe enkantolo kuyofanele kulindwe isinqumo senkantolo.
Kunezinhlobo ezimbili zemali ekhokhwayo ngokulandisa koMthetho, okuyimali yesicelo nemali yokubheka/ukufunda.
Lowo ofake isicelo ocela amarekhodi anemininingwane yakhe uqobo akudingekile ukuba akhokhe imali yesicelo. Noma imuphi omunye umuntu ofaka isicelo semininingwane okungesiyona eyakhe qobo kufanele akhokhe imali yesicelo. ISizinda seMibhalo siyomazisa lowo ofake isicelo (ngaphandle kwalowo ofuna imininingwane yakhe) uma kungafanele akhokhe imali enqunyiwe (uma ikhona) ngaphambi kokuba kuqhutshwe isicelo sakhe.
Imali ekhokhelwa isicelo eMnyangweni wezokuVikela ngu-R35. Lowo ofake isicelo angafaka isikhalo ngaphakathi, uma kufanele, noma athumele undaba lwakhe enkantolo ephikisa ukukhokhwa kwemali yesicelo.
Lowo ofake isicelo kufanele afake imali ekhokhelwa isicelo ebhange loMnyango wezokuVikela (bheka imininingwane yebhange ngezansi). Ipheshana lokufaka imali ebhange kufanele lithunyelwe eSizindeni seMibhalo soMnyango wezokuVikela ngaphambi kokuba kuqhutshwe isicelo.
Ngemuva kokuba ISikhulu soLwazi sesenze isinqumo mayelana nesicelo kufanele kwaziswe lowo ofake isicelo ngaleso sinqumo ngendlela acele ukuba aziswe ngayo.
Uma ngabe isicelo sivunyiwe kufanele kukhokhwe enye imali yokubheka nokulungisa, nokukhiqiza kanye nesikhathi esisentshenzisiwe esengeziwe esikhathini esinqunyiwe kubhekwa noma kulungiswa lawo marekhodi ukuze adalulwe (bheka isixhumelo C ukuze ubone uhlu lwezimali ezikhokhwayo).
Isaziso esenziwe ngokulandisa kwesigaba 15 soMthetho sichaza ngezinhlobo zamarekhodi atholakalayo ngaphandle kokuba umuntu afake isicelo ngaphansi koMthetho. Lamarekhodi angatholakala eSizindeni seMibhalo soMnyango wezokuVikela.
Uhla lwemibhalo yocwaningo egcinwe yiSizinda seMibhalo soMnyango wezokuVikela Uhla luyatholaka eSizindeni seMbhalo soMnyango wezokuVikela.
Amarekhodi akhona enqolobaneni yoMnyango wezokuVikela asukela onyankeni ka-1912 ngesikhathi kusungulwa uMbutho wezokuVikela weNhlangano (UDF). AmaRekhodi akhona enqolobaneni atholakala ngokuzithathela esikhathi sonyaka ka 1912 kuya ku 1969 akhombisa imisebenzi ephambili yazo zonke izingxenye ze-UDF noMbutho wezokuVikela waseNingizimu Afrika (SADF). Imisebenzi ephambili ihambisana nokwakwenziwa, ukuphathwa kanye nezobuchwepheshe bombutho wezempi kanti abuye athinte nokwakwenzeka ngezikhathi zempi nezikhathi zokuthula. Amarekhodi alokho okwakwenziwa ambandakanya imininingwane yokuzimbandakanya kweNingizimu Afrika empini yomhlaba yokuqala (1914 - 1918) kanye nempi yomhlaba yesibili (1939 - 1945), impi yaseBerlin (1948 -1949) kanye nempi yamaKhoriya (1950 - 1953) kanye nokwakwenziwa umbutho nokuviviswa ngesikhathi seziphithiphithi zangaphakathi kulelizwe njengesiteleka sezimboni sika-1914 kuya ku- 1922, nemibhikisho ka-1914 kuya ku-1915 kanye nezibhelu zeminyaka yawo 1950 kuya ku -1960. Amarekhodi ngokuphatha aqukethe imininingwane yokusungulwa, ukuhlelwa nokusebenza kwazo zonke izingxenye ze-UDF ne-SADF, kanye nosizo lwabasebenzi, ukuhlelwa komsebenzi nezindaba eziphathelene nezimali. Loluhlobo lwamarekhodi lumbandakanya futhi nemininingwane ngokuqeqeshwa, nemigubho kanye nezivumelwano zamazwe ngamazwe njengeSivumelwano sase-Simon's Town. Amarekhodi obuchwepheshe akhona eSizindeni seMibhalo wona aphathelene nezikhali zempi, izinto sokusentshenziswa, ukugcinwa kwazo nosizo lokwelekelela.
Kufanele kubekwe obala ukuthi ngesikhathi seminyaka yo-1912 kuya ku-1976 imibutho (Umbutho wezempi, Umbutho wezoMoya kanye NoMbutho wezamanzi) kanye nezinye izingxenye zombutho njengoMlawuli-Jikelele, no-Mphathi oyiNgxenye-jikelelele noMfundisi woMbutho-Jikelele kanye noNobhala wezokuVikela yilowo nayilowo wawunendlela yawo eyahlukile yokwahlukaniswa kwamarekhodi. Nakuba iSizinda seMibhalo singenazo zonke lezindlela ezahlukene, amarekhodi athile angatholakala ngokusebenzisa izinsiza osekukhulunywe ngazo vele.
ISizinda seMibhalo singumgcini wamarekhodi oMnyango wezokuVikela ngakho-ke yisona esinomthwalo wokugcina inqolobane yoMnyango wezokuVikela. Inqolobane yeMnyango wezokuVikela igcine amarekhodi okungesiwona awoMnyango wezokuVikela esikhathi samanje kubalwa noMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika wamanje (SANDF). Sigcine futhi namarekhodi eminye imibutho yezempi eyahlanganiswa noMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika (SANDF) ngo 1994, njengembutho wezempi waseTranskei, Bophuthatshwana, Venda nowaseCiskei.
UMnyango wezokuVikela ugcine futhi amarekhodi abantu awo wonke amalunga eMibutho okuyi-SANDF, SADF, neUDF angasekho embuthweni. Amarekhodi abantu angaphezulu kwezingidi ezimbili kanti asukela enyakeni ka-1912. Amarekhodi ngabantu ababesembuthweni aqukethe imininingwane yomuntu ngamunye ngomsebenzi wakhe kwezempi.
Onke amarekhodi angafundelwa ezindlini zokufundela zeSizinda seMibhalo ngaphansi kwemibandela yokuqinisekisa ukuthi ayohlala ekhona. Amarekhodi enqolobane yoMnyango wezokuVikela atholakala ngokulandela imiyalo yomthetho, okumbandakanya "noMthetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi ka 2000 (uMthetho ongunombolo 2 ka 2000), noMthetho WokuVikelwa koLwazi ka 1982 (uMthetho ongunombolo 84 ka 1982) kanye noMthetho weNqolobane kaZwelonke noSizo ngamaRekhodi waseNingizimu Afrika (uMthetho ongunoMbolo 43 ka 1996 nezichibiyelo)".
Izinsiza ezikhona ezisiza ekutholeni imininingwane noma amarekhodi enqolobaneni yoMnyango wezokuVikela wuhla lwemikhakha olutholakala ngephepha. Ukuchazwa kwalolo nalolo luhla kuhambisana nomkhakha oqondene wokusenqolobaneni, isibonelo Umkhuzi -Jikelele umkhakha- 5. Izinhla zingaphezulu kwezi-2000, futhi ziqukethe inombolo yefayela, incazelo kanye nosuku lokuvalwa kwalelo fayela emkhakheni othile. Loluhla ungalubheka ukuze ukwazi ukuthola umkhakha othile wamarekhodi.
Lamarekhodi enqolobane ayatholakala ukuze ahlolwe eSizindeni seMibhalo futhi kungenziwa nemifanekiso (uma imibandela yalowo mbhalo ikuvumela lokhu) angathenga ngemali enqunyiwe engu -60c ikhasi ngalinye elingu- A4 ubukhulu noma ingxenye yalo.
OKUPHATHELELE NABASEBENZI (loluhla lwamarekhodi luqukethe yonke imininingwane yabasebenzi eMnyangweni wezokuVikela. Lokhu kumbandakanya, ukukhipha izaziso ngezimisebenzi ukuqashwa nokusebenza, ukufunda , ukuqeqeshwa, nokuthuthukiswa: ukuhlelela ikusasa lomsebenzi, amaholo, ukuhlolwa kwendlela yokusebenza: izikhundla embuthweni wezokuVikela kanye nohlaka lwezikhundla, eziphathelene nokubhekelwa kwalalo ababebandlululiwe nokunikezwa amathuba alinganayo, ukuziphatha, ezobulungiswa embuthweni nobudlelwane nabasebenzi, ukuxhoshwa emsebenzini, ukukhishwa neziphathelene nezimpesheni).
UBUHLAKANI (loluhla lwamarekhodi luphathelene nezobuhlakani kwezempi. Lokhu kumbandakanya izinqubomgomo ngezobuhlakani kwezempi, ukuphepha kwabantu, ulwazi nozinto ezisetshenziswayo, ukuqoqwa kolwazi ngendlela ezahlukene;izincomo zobuhlakani;ukubhekela ukwesatshiswa, imibiko ngezobuhlakani nezindaba eziphathelene nezobuhlakani kwezeminyango).
OKWENZIWAYO (Loluhla luphathelene namarekhodi okusebenza kwezempi. luphethe izihloko eziningi ezahlukene okumbandakanya, ukuhlelwa kohlelomgomo; Ukuthunywa empini, ukuviva nokuyekiswa ukuviva, izimpi ezihleliwe nezingahleliwe kanye nemikhankaso ethile, ezokuvikela zezomoya nezasolwandle, imikhankaso yokufuna nokuhlenga nokuqeqeshwa; ukusiza nokubambisana nezinye izikhungo namanye amazwe).
UKUHLELWA KWEZINTO uhlu lwemininingwane lumbandakanya zonke izinto eziphathelene nokwenziwa kwezinto eMnyangweni wezokuVikela.
UKUPHATHWA KOMNYANGO Lolu uhla oluqukethe yonke imikhakha yokuphathwa koMnyango.
Kuyindlela yokuhlela umsebenzi ehlanganisiwe yathuthukiswa ukuze yelekelele uMbutho.
Izibalo - eziyisekelo sokunikezela ngolwazi lokuphatha.
Ilekelela uMnyango wezokuvikela kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni ngosizo lobuciko bendlela yokuphatha imali.
Ezobuhlakani kwezokuVikela zilekelela inqubo yomsebenzi woMnyango wezokuvikela futhi ihlose ukwelekelela yonke impilo yenqubo yezobuhlakani.
ISINETI - okusaluhla lwezincwadi zesifundo esithile.
AMAPHUZU ASEMQOKA KAZWELONKE - Indlela yokuphatha.
Lolu wuhlelo oluhlanganyelwe oluthathelwe emigomeni ejwayelekile neyamukelekile yabasebenzi nohla lokuholela.
Lesi yiSizinda soMnyango wezokuVikela esiqukethe ezinye izindledlana esimiselwe ukuba ziphathe lonke uhlobo lwemininingwane yezempilo eMnyangweni wezokuVikela.
Ukuhlanganisa nokunikezela ngamarekhodi okusebenza nesitifiketi sokusulwa embuthweni ukuze asetshenziswe yilowo muntu noma izihlobo zakhe.
Ukunikezela ngemifanekiso (amakhophi) emibhalo yamarekhodi alowo muntu qobo njengemibiko yemfundo, amalayisensi okushayela izimoto zempi, izincwadi zokwaba ifa nokunye kwalowo muntu qobo lwakhe.
Isizinda semiBhalo soMnyango wezokuVikela sivumela nomphakathi wonkana ukuba uzobona amarekhodi ngenhloso yokucwaninga izindaba eziphathelene noMnyango wezokuVikela.
Nakuba lolusizo lunikezwa mahala kodwa uma sekukhishwa noma kukhiqizwa imifanekiso kukhokhwa imali engu-60c ikhasi ngalinye elingu -A4 usayizi noma ingxenye yalo.
Yena uyisizinda solwazi oluphathelene noMnyango wezokuVikela, usizo nemikhiqizo ukuze ukuxhumana okumbaxa-mbili phakathi komphakathi noMnyango wezokuVikela kwenzeke ngempumelelo nangenkuthalo.
Imithethosivivinywa emisha (uMthetho osewuhlaka) ithunyelwa kulelikomiti loBumbano lezokuVikela. Leli komiti lisakaza emaphepheni ahlukene (njenge- Sunday Times namanye) ukuthi noma imuphi umuntu angenza iziphakamiso noma imibono mayelana nomthethosivivinywa oshiwo singakapheli isikhathi esithile. Kwezinye izimo kumenywa futhi kubanje izingxoxo nomphakathi lapho umphakathi uletha iziphakamiso noma izimvo zawo. Leli komiti libe selithatha zonke iziphakamiso nezimvo lizibhekisise uma selilungisa umthethosivivinywa ohlongozwa nguNgqongqoshe wezikuVikela noma yindlu yeziNgele.
Uma Umnyango wezokuVikela unomthwalo wokushaya umthetho othile, uMthethosivivinywa ukhishwa eMculwini kahulumeni ukuze abantu benze iziphakamiso ezizobhekisiswa. Lemithetho ithwesa uMnyango wezokuVikela izibopho ezithile mayelana nokusetshenziswa kwamandla nokwenza umsebenzi wawo okubekwe kabanzi ngakho embhalweni weNqubomgomo. Ngakho-ke umphakathi ungenza iziphakamiso ezingaba nomthelela ekusentshenzisweni kwamandla nokwenziwa komsebenzi nguMnyango wezokuVikela.
Izithunywa zamaPhoyisa ezempi (MPA) zinomthwalo wokubhekana nazo zonke izikhalo ezivela emphakathini ezingaphansi kwegunya lawo: Leligunya lisho ukuthi laMaphoyisa aqaphe ukusebenza koMnyango wezokuVikela, avikele amacala obelelesi futhi aphenye uma kunobelelesi.
Umhloli-jikelele woMnyango wezokuVikela ngokusebenzisana noPhiko olulwa nenkohliso (DAF) unomthalo wokubhekana nalo lonke ulwazi nesikhalo eziphathelene nezenzo zenkohliso nokwenza izincomo ngezinyathelo okufanele zithathwe. Izikhalo zibhekwa ngobunjalo bazo kuthi lapho kudingeka kube khona ukungenelela kwabangaphandle koMnyanngo , kubhekwa ukuba zedluliswe.
UMvikeli woMphakathi uyatholakala kubo bonke abantu nayo yonke imiphakathi.
ukwenza umbiko ngalezo zenzo; kanye nokuthatha izinyathelo ezifanele ukulungisa lawo maphutha.
Njengamanje akukho lwazi olukhona kuNgqongqoshe ngokwesigaba- 92 soMthetho olungabekwa lapha.
Uma kudingekile, isizinda somphakathi kufanele silungise lelibhukwana bese sisabalalisa izincwanjana okukhulunywa ngazo esigabeni-14 soMthetho, ngesikhathi esingekho ngaphezulu konyaka.
Kufanele kubekwe kuzo zonke izindawo ezaziwa njengezindawo zokubeka njengoba kulandisa isigaba se- 6 "soMthetho weziNdawo sokuBeka eziseMthethweni ka- 1997 (UMthetho ongunombolo yama-54 ka -1997)" kanye nasemahhovisi eKhomishani yamalungelo eSintu; nawo wonke amahhovisi omphakathi imifanekiso yaleli bhuku ngezilimi ezintathu ezamukelekile ngokoMthetho.
Leli bhukwana kufanele lishicilelwe ePhephabhukwini likaHulumeni (iGazethi) ngezilimi ezintathu ezamukelekile ngokomthetho.
Uma umsebenzi wezikhungo zomphakathi ezimbili noma ngaphezulu unobudlelwane noma uhambisana, uNgqongqoshe ngokucela noma ngokuzikhethela angamisa ukuthi lezo zikhungo zombili noma ngaphezulu zibhale ibhukwana elilodwa.
Lezi zikhungo kufanele zihlukaniselane izindleko zokubhalwa kwalelo bhukwana nokutholakala kwalo.
Ngezizathu zokuphepha, zokuphatha nezemali, uma eceliwe noma ngokuzikhethela uNgqongqoshe angakhipha isaziso eMculwini kaHulumeni esishiya ngaphandle noma esingaphoqelekile okwesikhashana ukulandela lesi sigaba soMthetho noma iluphi uphiko lukaHulumeni esiyomiswa nguyena uNgqongqoshe uma ebona kufanele.
